Top Songs By Nue Sam
Similar Songs
Credits
PERFORMING ARTISTS
Zamoh Cofi
Vocals
Nue Sam
Performer
PRODUCTION & ENGINEERING
Vuyo Manyike
Producer
Lyrics
(Intro)
Bambe sandla sam’, ngathi ngeke us'dedele weh
(Verse1)
Yazi amagama abo azokushintsha
Yazi mina lomuntu enginguye sengizame kangaki ukumshintsha
Amahlazo esekukdala ngzama ukuwafihla
Izono zami sihlezi zingifica
Ukube bekungekho obala bengizophicaphica
Kepha kuyafana ukuthi umhlaba ungiphendule isigqila
Nakhu sengibola ngisaphila
Iqiniso liyongikhulula, nanka amagama okugcina
Mina bengizicabangela Mina, angisoze nganisola maningiphika
Nibongishisa,bese umlotha wami niwuchitha kulesisiziba
Mina ngiyoba yidlozi elihle,izifiso zenu soze ngaziziba
Ngiyonithanda nginiphe okwengunaphakade ukuphila
(Hook)
Bambe... isandla sami
Ngathi ngeke usdedele weh
Nalu thando lwami
Luyohlala ingunaphakade
(Verse 2- Cofi)
Ey ngob’iqiniso liyamkhulula umuntu, kunzima nokho ukugonyuluka emntwini osololakhe
malikbuka likwahlulele njalo umal’cwayiza,
Size sincamela abangani ngoba bona basvezela ngoksobala ukuthi umndeni aksibona kphela
abantu ohlobene nabo ngegazi kepha yiwowonke umuntu okwazi ukumxoxela imfihlo yakho
phakathi ekjuleni kwenhliziyo
Lezandla ezokwakha mntanami akuzona ezokubhidliza ngakho bambi sandla sami spheshe
nanka amanxeba ngokfunda emaphutheni makungenzeka
Ngoba iphutha lethi ukufela ngaphakathi, kanti lemzimba mncane kakhulu ukuthi ingathwala
sonke isisindo seynkinga esibhekana nazo laymhlaneni.
Inkinga yenu nina ningabaza amandla omoya, shonini konke okunidlayo ngaphakathi lezin
to ziphimiseni ngamagama njengo mkhuleko kwazi bani nje moyeni hleze zihlangane neymbila
zthutha zingaphindey’buye
Ngilokhu ngizphindaphinda
Ngithi isinqumo sokuzibulala akube isinqumo sokgcina nje empilweni ongasthatha
Ngoba ezinye inkinga azidingi ukuxazululwa abantu kepha zixazululwa ukuhamba kwesikhathi
Phindubhale Futhi
Cofi Ngabese Ngyabhala.
(Hook)
Bambe... isandla sami
Ngathi ngeke usdedele weh
Nalu thando lwami
Luyohlala ingunaphakade
Written by: Nosipho Khuzwayo