Music Video

Featured In

Credits

PERFORMING ARTISTS
Sjava
Sjava
Performer
COMPOSITION & LYRICS
Jabulani Makhubo
Jabulani Makhubo
Songwriter
Vuyo Manyike
Vuyo Manyike
Composer
PRODUCTION & ENGINEERING
Vuyo Manyike
Vuyo Manyike
Producer

Lyrics

Lingiphatheleni iksasa lami
Zonke inhlelo zami
Lento iyophelelaphi
Impendulo ngizotholaphi
Ngoba kusa kusa ezweni
Ikusasa aliziwa
Ikusasa aliziwa
Ngoba kusa kusa ezweni
Ikusasa aliziwa, oh, yebo
Ngoba kusa kusa ezweni
Ngishaywa uvalo mangicabanga lingphatheleni iksasa lami
Izinto zami mile ngididekile moshakele zonke inhlelo zami
Ngihlale ngibuza ukuthi ngempela lento iyophelelaphi
Imbuzo yami iphelela emoyeni, impendulo ngizotholaphi
Kanti yini impilo, oh
Mayinje, yea
Kanti yini impilo, oh
Kazi lempi ngizoyonqoba na, nomaiyonghlula na
Ilanga liyashona nothukela liyangenisa na, ngabe ngiyoluwela na
Amaphupho enginawo, ngimisele ukuwasebenzela ngabe ayofezeka
Futhi ngimisele nokuwafela Ma
Ikusasa aliziwa
Ngoba kusa kusa ezweni
Ikusasa aliziwa, oh, yebo
Ngoba kusa kusa ezweni
Ngishaywa uvalo mangicabanga lingphatheleni iksasa lami
Izinto zami mile ngididekile moshakele zonke inhlelo zami
Ngihlale ngibuza ukuthi ngempela lento iyophelelaphi
Imbuzo yami iphelela emoyeni, impendulo ngizotholaphi
Kanti yini impilo, oh
Mayinje, yea
Kanti yini impilo, oh
Yazi inzima impilo yokuhlalela evalweni
Abakhoni abanye, induduzo bayayithola ebhodleleni
Kunzima emalini, kunzima futhi nasendlaleni
Inkinga ikhona yonke indawo, ukuthi ayifani
Ikusasa aliziwa
Ngoba kusa kusa ezweni
Ikusasa aliziwa, oh, yebo
Ngoba kusa kusa ezweni
Ngishaywa uvalo mangicabanga lingphatheleni iksasa lami
Izinto zami mile ngididekile moshakele zonke inhlelo zami
Ngihlale ngibuza ukuthi ngempela lento iyophelelaphi
Imbuzo yami iphelela emoyeni, impendulo ngizotholaphi
Written by: Collen Medupi Sambo, Daniel Hadebe, Jabulani Makhubo, Vuyo Manyike
instagramSharePathic_arrow_out