Lyrics

Isandla Sakho
Ngithe uma ngihlangana nawe
Ngabingelela, wathi yebo
Ngabuzi igama nesibongo, wangitshela
Ngathokoza ngaphakathi
Indaba yonakala la, 'ma ngicela ukuxhawula
Walethi isandla sakho
Ngathi maye maye maye, ngiyaboniswa yini
Akuhlotshiswanaga la, maye maye maye
Ngiboni ismanga phambi kwami
Ntombenhle, ngicel' isandla sakho
Mntanomuntu isandla sakho
Angifun ukusibuka nje, ngicel' ukus'hlobisa bo
Angifun ukusibamba nje, ngifun' ukusfak' iring
Mhmm, kudala ngizwa abadala
Bethi uthando umanqoba
Lunqob' insizwa nezintombi uma selufikile
Luvula nala kuvalwe khona
Uma ngibuka amehlo akho
Ngivele ngigcwal' uthando
Olusuka ek'juleni kwenhliziyo yami
Ngiyakthanda, ngiyak'dinga, ngempela
Ngiyazifela ngawe
Ngiyak'thanda, ngiyak'dinga, ngempela
Ngiyazifela ngawe
Ntombenhle, ngicel' isandla sakho
Mntanomuntu, isandla sakho
Angifun' ukusibona nje, ngifun' ukushlobisa
Angifun' ukusibamba nje, ngicel ukus'fak'iring
Ngizohlala nawe, impilo yami yonke
Ngiziphilele nawe, thina sobabili
Bamb' isandla sami
Bheka mina kuphela emehlweni
Ubhali igama lakho
Liphelele enhlizweni yami
Written by: Joel Zuma
instagramSharePathic_arrow_out