Lyrics

(Hook)
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
(×2)
(VERSE)
Lalela!!
Bhekana nesbuko manje uzitshele ukuthi uyazithanda ngokuphelela
Mamatheka.
Ukhumbule,basuke bebhekane nomhlane wakho uma bekuhleka.
Bayazonda! Bahlulwa ukuk'qonda bayakuhleba.
Wena ungumpetha,mhla washiya lomhlaba iyokwenzeka indaba.
Bayokukhumbula, bakubone nokubaluleka kwakho mhla washiya lomhlaba.
Ngithi mina smile(a) musa ukukhala.
Noma sebeyiphula inhliziyo, ubathande kancono kunakuqala.
Isitha usiphe zombili izihlathi masikushaya.
Uthandaze njalo uma usuzolala.
Injabulo isekuthuleni,ubadedele bazitshele ukuthi bazi kancono laba.
Umhlaba uhlonipha abawuhloniphayo, izitha zakho zingabalandeli nakho,ekuphumeleleni
kwakho bayokhala.
Wena njalo njalo, vumela umoya wakho ubalondoloze.
Uyinkanyezi,kukhanya kwakho,kubakufisela ubumnyaba kuyabaxhopha.
Uyabona! Isitha sikuthanda okundlula abakuthandayo, konke okwenzayo silangazelela
ukukubona.
Qina ke!
Qina uzithuntuthe,ungabukeki untekenteke kubona.
(Hook)
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Mayeh,Mayeh,Mayeh
Written by: Nosipho Khuzwayo
instagramSharePathic_arrow_out